Umrepha osafufusa uthwese iziqu enyuvesi yaseWits

2016-03-30 16:02

Johannesburg -  kuyiqiniso ukuthi ukusebenza kanzima kunomvuzo, lokhu sikubona ngomrepha osafufusa uGigi laMayne, kubika iDrum.

Le ntokazi izothweswa iziqu ze-Bachelor of Arts Degree in Media and Anthropology inyuvesi yase-Wits. Ubuye waphuma phambili ngezifundo ezine kanti futhi uzothola umklomelo we-Media Monitoring Africa Prize emcimbini ozoba ngomhlaka 14 Ephreli.

uGigi uthi unethemba lokuthi lokhu kuzokhuthaza abanye abantu abasebasha lapha eNingizimu Afrika kanye nabaculi abasafufusa, ukuba bazimisele ngakho kokubili amakhono abo kanye nemfundo yabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...