UMpho Maboi ugxeke abathi uthanda imali kaYeye, hhayi yena

2017-11-29 14:01

Johannesburg - Nakuba umethuli wezinhlelo zemidlalo uMpho Maboi nomdlali webhola likanobhutshuzwayo uReneilwe "Yeye" Letsholonyane sebenesikhathi eside bethandana, udalule ukuthi abanye abantu basacabanga ukuthi ulandela imali.

UMpho ungumuntu ongabufihli ubudlelwano babo kanti ngoLwesibili ubhale imicabango yakhe enkundleni yezokuxhukana ngemibono yabantu.

"Uma ufunda imicabango yomunye umuntu ethi uhlezi nendoda ngoba ufuna imali yayo, sengathi ungavele uzithulele nje ubatshele ukuthi 'mabaqhubeke'."

OLUNYE UDABA:Kwasikhulisa ukuhlukana kwethu - OkaYeye

Lezi zinkulumo zokuthi ujola noYeye ngoba efuna imali yakhe azizange zimhlabe umxhwele, ube esebala izinto azenzayo.

"Mhlawumbe kuyawenza umqondo ukuvuka ekuseni ngezithuba zabo-03:00 ngisebenze izinsuku ezingu-7 esontweni ngoba nakhu kunendoda enginakekelayo?

"Cha lokhu kuzwakala kahle kakhulu, kuyawenza umqondo futhi. Kazi kuyokwenzekani empilweni yami uma ngingase ngingenzi lutho. Ngingabi namaphupho ngizihlalele nje. Awucabange," kusho umbhalo.


  - TshisaLive


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...