Umndeni kaPistorius uthi uzoyithathela izinyathelo zomthetho eyefilimu

2017-10-03 13:59

Cape Town – Umfowabo kamsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius, uCarl, usekhiphe isitatimende kulandela ukuvela kwezindaba zokwenziwa kwefilimu i-Oscar Pistorius: Blade Runner Killer.

Le filimu igxile kakhulu kokwenzeka ngesikhathi kuqhubeka icala lika-Oscar ayesolwa kulo ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

Esitatimendeni, uCarl uthe umndeni uyaziqhelelanisa nale filimu yeLifetime ephrojuswe ngabe-A+E Networks, besebenzisana neDisney – ABC Television Group.

"Le filimu yenziwe ngaphandle kokubandakanya yomibili imindeni, owakwaSteenkamp nowakwaPistorius, futhi ayitshengisi ukuhlonipha u-Oscar noReeva.

OLUNYE UDABA: BUKA: Amazwibela efilimu engempilo ka-Oscar Pistorius

"Le mindeni yobili ayizange ibandakanywe noma yingayiphi indlela ngesikhathi kuqoshwa le filimu," kuqhuba uCarl.

Unanele ngokuthi: "Le filimu ayikhombisi iqiniso ngokwenzeka ngelanga lesibhicongo kanjalo nangesikhathi kuqhubeka icala. Le filimu ihlanekezela konke okwatholwa yinkantolo mayelana nalesi sigameko.

"U-Oscar wahlolwa odokotela bezengqondo isikhathi esiyinyanga njengokomyalelo wabashushisi, kanti lokhu kwenziwa ngochwepheshe kulo mkhakha. Waphinde waba ngaphansi kokuxilongwa okunzulu, ehlolwa cishe zonke izinsuku inyanga yonke; akukho lapho kwatholakala khona ukuthi u-Oscar unomqondo wombulali.

"Le filimu ilihlanekezele kakhulu iqiniso. Le filimu itshengisa lokho okwazanywa ukuvezwa abashushisi enkantolo. Sizothatha izinyathelo zomthetho," esho.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...