Umndeni kaDumi Masilela uchitha amahlebezi okukhulelwa kaSimphiwe Ngema

2017-08-24 14:01

Johannesburg - Umndeni womlingisi weRhythm City ongasekho emhlabeni, uDumi Masilela, ugxeke imibiko engamampunge ethi umfelokazi ukhulelwe ingane kaDumi.

Imibiko esezinkundleni zokuxhumana ephinde ibe yizindaba ezingesilo iqiniso yasabalala ngesonto eledlule, ithi uSimphiwe Ngema uzithwele. Kule mibiko kubalwa ne-video etshengisa isithombe sengane isesiswini, i-ultrasound.

Umfowabo kaDumi okunguye okhulumela umndeni, uMbongeni Masilela, ekhuluma neTshisaLive uyigxekile le mibiko 'ethukuthelisayo'.

OLUNYE UDABA: BUKA: Itshe lethuna likaDumi Masilela lika-R160 000

"Angifuni ukukhuluma ngalo mbhedo okhulunywayo ngoDumi. La mahlebezi awumsangano nje futhi awasilo iqiniso. Kuyinto ecasulayo nje. Ukube ibiliqiniso ngabe siyazi ngayo, thina asazi lutho," kusho uMbongeni.

Uthe umndeni usazilele ukudlula kukaDumi emhlabeni kanti futhi angeke uze unakane namahlebezi ngempilo yakhe yangasese ethushuke ezinkundleni zokuxhumana.

Uthe bebemazi uDumi futhi bayakwazi okuyiqiniso nokungesilo, ngakho angeke belokhu bekhuluma ngamahlebezi avumbuke ezinkudnleni zokuxhumana.

UDuma wadutshulwa ngomhlaka-2 Agasti esigamekweni sokuduna eTembisa.

Lesi sihlabani sashonela esibhedlela ngemuva kwesikhashana.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...