Umndeni ka-Akhumzi Jezile usuqalile ukwenza amalungiselelo omngcwabo

2018-05-01 14:21

Johannesburg - Umndeni womlingisi nomethuli wenzihlelo u-Akhumzi Jezile usuqalile ukwenza amalungiselelo omngcwabo.

Lo saziwayo ushone ehamba nozakwabo abane nabo abashonile ngesikhathi bebasengozini yemoto ngoMgqibelo ekuseni esifundazweni sase-Eastern Cape.

Umndeni kaJezile, 29, uthi umngcwavo wakhe uzobanjelwa eRandburg ngoMgqibelo kanti inkonzo yesikhumbuzo izokuba ngoLwesine,

OLUNYE UDABA:Alokhu angene njalo amazwi enduduzo ngokushona kusaziwayo abathathu

Okhulumela umndeni uPercy Vilakazi uthe: "Sibhekene nomqansa njengoba senza amalungiselelo wokuvalelisa lentandokazi yaseNingizimu Afrika. Ubengumuntu onothando kanti baningi ababaza indleba abeseka ngayo ozakwabo abadala nabancane.

"Usishiye nomsebenzi onzima wokuba siqhubeke ezinyathelweni zakhe, sibonisane uthando kanye nokuzwelana ikakhulukazi thina sonke esisembonini yezobuciko.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...