Umlingisikazi uwaphikile amahlebezi athi uyashiya kwiRhythm City

2018-01-11 16:00

eGoli - UTebogo Khalo ungomunye wabalingisi abaduma emdlalweni kamabonakude iRhythm City, uwaphikile amahlebezi okuthi uyawushiya, kubika iSowetanLive.

Le ntokazi, elingisa indawo kaPuleng, inikeze abalandeli balo mdlalo isiqiniseko sokuthi isayingxenye yawo futhi ayiyi ndawo.

"Angazi ukuthi konke lokhu kuqhamuka kuphi, ngoba ngisathokozile kulo mdlalo nangakho konke okwenzekayo," kusho yena.

OLUNYE UDABA: Uyashiya kuMuvhango 'uMatshidiso'

Le ntokazi esineminyaka engu-8 ilingisa kulo mdlalo futhi enabalandeli abaningi, ikuphikile ukuthi umthwalo usebhokweni.

"Anginazo izinhlelo zokushiya iRhythm City ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili ngikuyo, mhlawumbe ngizoyiphinda kabili futhi le minyaka ngaphambi kokuba ngihambe," kuqhubeka yena.

UKhalo, 32, uthi kukhona okusha afuna ukukwenza ngokuzayo, kodwa akajahe lutho ngoba usafuna ukufunda kahle ngalokhu afuna ukukwenza.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...