Umlingisi weSibaya usezitholele umaqondaba - Umbiko

2017-01-21 17:27

Durban – Ziyaqina izinsolo ezikhomba isilomo somlingisi womdlalo owuchungechunge iSibaya, uSamukelisiwe Mkhize odlala indawo kaMabuyi no-DJ osezakhele udumo ngokukhiqiza izingoma emazweni angaphandle.

ILANGA lithole ukuthi uMkhizke sekuneminyaka ethandana noSbonosakhe Mhlongo odume ngelikaDeep Ink.

Kuthiwa lezi zithandani azikufihli ukuthandana kwazo ezinkundleni zokuxhumana njengoba zike zifake izithombe zindawonye zikhombisa ukujabula.

OLUNYE UDABA: Ujoyine iSibaya owaduma kwi-Yizo Yizo

Ethintwa lo DJ uphike walala ngomhlane ukuthi uyathandana nale ntokazi kodwa waveza ukuthi bayazana futhi sekunesikhathi eside.

“Ngazane naye esangaphansi kweK-Cap KwaMashu, singabangani nje kuphela,” kusho lo DJ.

Imizamo yokuthola uMkhize iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...