UMlingisi weseka usomahlaya ngodaba lukaZodwa Wabantu

2018-01-16 16:04

eGoli - Kubonakala sengathi uMlingisi nosomahlaya uCeleste Ntuli ukusiyena yedwa ocasulwa yizenzo nokuziphatha kukanontandakubukwa ongu-Zodwa Wabantu.

Ethathela enkundleni u-Instagram, umlingisi wohlelo Isibaya u-Ayanda Borotho umi nozakwabo egxeka indaba yokuhamba nqunu.

"Uma ukuhamba nqunu kubonisa kubonakalisa inkululeko nokuba ngowesifazane ozethembayo, kusho kona ukuthi angikuqondisisi kahle. Aphi amadoda aveza izitho zawo zangases? Uma ungeke uthande ukubona indodakazi yakho yenza lokhu ngoba ithi iveza ukukhululeka kwakhe," kusho yena.

OLUNYE UDABA:'Angazi kungani abantu begudla iguma, amanyala amanyala nje kwaphela,' kusho usomahlaya

U-Ayanda uqhubeke wachaza nokuthi akekho umama uphile kahle ekhanda ongamukela umlayezo ovela kumuntu otshela amadodakazi abo ukuthi kulungile ukuhamba uveza isitho sakho sangasese emphakathi.

Lokhu ukusho ngokulandela amazwi kaNtuli lapho eveze ukuthi abantu abayeke ukulokhu behleka insinini ngamanyala.

“Iyangicasula leyo nto! Angiqondisisi ukuthi kungani abantu belokhu begudla iguma belushalazela lolu daba. Amanyala lawaya! Kwenza thina abesimame abansundu sibe yizona kanye lezi zinto esizama ukulwa nazo."

Lo somahlaya uthi akukho angakusho kuZodwa futhi akafuni ngisho nokuthatha izithombe naye.

Uthi abantu besimame abansundu basilwele kanzima kabi isithunzi sabo nokuqeda inkoleloze kodwa kuyamcasula ukubona abanye bebuyela kuzona.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...