Umlingisi wakuleli uphakanyiselwe indondo ye-African Pride Award

2017-07-11 12:30

Cape Town – Umlingisi wakuleli wemidlalo kamabonakude, uNomzamo Mbatha, usephakanyiselwe ukuba aqokelwe indondo ye-African Pride Award, emkhakheni we-Outstanding Achievement in Film – Africa.

Lo saziwayo wakuleli uphakanyiswe kanye nosaziwayo abahlonishwayo okubalwa kubona umlingisi we-Get Out, uDaniel Kaluuya; uNyokabi Gethaiga kanye nomlingisi ohamba phambili emdlalweni iQueen of Katwe, uMadina Nalwanga kanye nabanye abaningi.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Bekugcwele osaziwayo, uwubukhazikhazi owokuzalwa kukaBonang Matheba

Zibonele amagama abanye abaphakanyisiwe lapha.

UNomzamo – nokumanje useBarcelona – ufake ku-Instagram wakhe isithombe sakhe kanye nalezi zindaba zokuphakanyiswa kwegama lakhe, nalapho ethe “uyaziqhenya futhi uhloniphekile…”

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...