Umlingisi uzokhipha incwadi ebhekiswe kubashadikazi abasebasha

2017-12-06 09:32

eGoli - Umlingisi uKagiso Modupe uthi ubezibekele imigomo ethile yokuthi afeze izifiso ezingu-17 kulo nyaka, esinye salezo zifiso wukubhala incwadi.

Lo mlingisi uthathele enzinkundleni zokuxhumana eveza incwadi yakhe yokuqala ezotholakala ezitolo ekuqaleni konyaka ozayo.

Le ncwadi osihloko sayo sithi, Along Came Tsakani, incwadi yothando eveza izimo zokungathembeke othandweni.

UKagiso utshele abe TshisaLIVE ukuthi kule migomo ayezibekele yona yokufeza izifiso zakhe, kuyamthokozisa ukuthi usefike esifisweni sakhe sesi-16 sekusele amasonto ambalwa unyaka ugoqwe.

Lo mlingisi uthi uthathe isinqumo sokuba ayikhiphe ngonyaka ozayo le ncwadi ngoba uyazi ukuthi abekho abanesikhathi sokufunda izincwadi ngesikhathi samaholidi.

OLUNYE UDABA:Incwadi yesiboshwa ikhalise uBabes Wodumo izinyembezi

Uthi ukhethe ukubhala incwadi ezobhekana nezinkinga zabantu abasha abashadile, ikakhulukazi ngezingqinamba zokulingeka.

"Le ncwadi ngiyibhekise kumadoda asemasha aganiwe, ngoba nami ngiganwe ngisemusha futhi sengiqaphele ukuthi izinkinga esibanazo emishadweni yethu ziyafana nalezo zobaba wethu. Yingakho ngibheke izizathu ezenza amadoda aphinge ngathola ukuthi zicishe zifane izimo ezenza amadoda aphinge.

"Ngithathe zona lezo zinto ngabhala ngazo ukuze ngiqwashise abesimame ngendlela amadoda acabanga ngayo.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...