Umlingisi oyiSangoma ukugxeke kakhulu ukubulawa kwabantu ngenxa yomuthi

2018-03-17 10:31

Johannesburg -  Umlingisi ophinde abengumculi uLetoya Makhene odume kakhulu ngokulingisa emdlalweni ewuchungechunge kumabonakude Isidingo neGenerations: The Legacy akazinyezi neze ngobizo lwakhe futhi akakunqeni ukuzikhulumela ngokuthinta yena.

Lo mlingisi kulokhu uphawule ngabalaphi bendabuko ababoshwa ngebhande elilodwa, ufuna kwazi umhlaba wonke ukuthi bayelapha abasibo ababulali.

"Angikho muhle emoyeni! Lento ayilungile! angikwazi ngisho nokuzibamba izinyembezi. Izingane lezi! La bantu bangabelaphi. Abantu bami bayaphilisana. Abantu bami bangabantwana bakaNkulunkulu. Lo msebenzi awenziwanga yiSangom noma iNyanga. Lo umsebenzi womthakathi," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Abosizo lokuqala bazobe besiqaphile isimo kula makhaza eGauteng

Lesi sihlabani seGenerations:The Legacy sakumisa ukuyothwasa ngonyaka odlule ngezizathu zokuphepha kanti manje sesimemezele ukuthi sesibuyele.

"Kuzwakale ukuthi ngiyekile ebungomeni? Yebo kunjalo. Ngakumisa ukuthwasa isikhashana kodwa amanje sengibuyile futhi ngijabule ngomsebenzi wami wokwelapha."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...