Umlingisi oshiya uhlelo uthi uziphumela yena angaze akhishwe

2017-07-07 18:00

Johannesburg - Ngemuva kweminyaka eyisithupha elingisa kuRhythm City uNolo Phiri usethathe isinqumo sokulushiya lolu hlelo.

Le ntokazi ishiya lolu hlelo ngezinhloso zokuzimela enkampanini yakhe eqopha izinhlelo.

UNolo ungophrojusa omkhulu enkampanini iRedefine Multimedia‚ nokuyinkampani esiyenze imisebenzi eminingi okubalwa kuyo ukuqopha amavidiyo abaculi abafana noMandoza.

Njengoba ephuma kulolu hlelo, uNolo utshele abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lesi yisikhathi esibuhlungu kakhulu kuyena.

“Anginawo amazwi okuchaza indlela engizizwangayo ngakho konke engidlule kukho kanye nobudlelwano engibusiswe ngabo ngenxa yalolu hlelo. Ngifisa sengathi lolu hlelo lungaqhubeka nokukhula futhi lube ngcono kunalokhu,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Umlingisi weSibaya usezitholele umaqondaba - Umbiko

Le ntokazi ibuye yaveza ukuthi izikhethele yona ukuphuma ingaze ikhishwe.

“Sengibonile ukuthi ukukhula kuchaza ukuthi kumele ube neqiniso ngalokho okufunayo, okudingayo, nalokhu okuzwayo. Ngakho-ke ngiziphumela mina ngingaze ngikhishwe,” kuqhubeka yena.

Le ntokazi igcine ukuqopha nalolu hlelo ngoLwesithathu kanti izogcina ukubonakala kumabonakude ekupheleni konyaka, kubika iSunday World.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...