Umkhangisi wengqephu udlala indawo kaJesu kuZalo
2018-03-29 12:32
UMgungundlovu - Umkhangisi wengqephu wodumo eMlazi, uKhulekani Khumalo, uzobonakala kumdlalo wakumabonakude Uzalo wedlala indawo kaJesu enkonzweni yePhasika.
Lo mlingisi osemusha kulo mkhakha uqale ukubonakala kulo mdlalo ngomhlaka-19 Mashi uthe ukusebenza nabasebenzi bakuZalo kuyamangalisa kakhulu.
UKhulekani uthe abasebenzi bakuZalo bafudumele, banothando futhi bayanakelelana. UMaMlambo, uThobile bebewusizo kakhulu benobungani nesineke.
OLUNYE UDABA:Kuyaphela 'ngoSmangele' kuZalo
Uthi bamusiza ekuqondeni ukuthi kubanjani uma ulingisa nangendlela okumele ayethule ngayo into ayishoyo.
UKhulekani uthi ithimba elisebenza ngale kwamakhamera lingabantu abanesizotha wazizwa sengathi kade abazi ikakhulukazi uMaNgcobo omenze wazizwa sengathi usekhaya kanti ngisafika, basebenza ngobunye.
"Bangikhulisile njnegomlingisi futhi ngifunde lukhulu, ukulingisa ngezinye zezinto engizithandayo ngendlela eyisimanga."
Uthi miningi imidlalo afisa ukulingisa kuyona efana ne-Isibaya, Imbewu , i-The Queen.
- Thola udaba oluphelele kwi-KZNEyethu
- News24