UmkaNcwane ubonge bonke abebebambisene naye kukho konke

2017-03-09 16:02

Johannesburg - Ubuyele emsebenzini okokuqala kuleli sonto selokhu ashonelwa wumyeni wakhe uSifiso Ncwane, umfelokazi osemncane u-Ayanda Ncwane, kanti ubonge bonke labo abasondelene naye abebekhona bezomeseka.

Ebonga bonke labo ababambisane naye mihla namalanga ohambeni lwakhe olusha uthe: "Ngiyabonga kini nonke ngokweqiniso, ngisho nakulabo abakude nami kodwa abebelokhu bengithandazela futhi betshengisa uthando. Ngiyabonga kakhulu," kusho u-Ayanda.

OLUNYE UDABA: UmkaNcwane ugonyuluke emsakazweni okokuqala ngqa

U-Ayanda, abasebenzi bakhe nabangani bakhe, baziduduze ngokucula izingoma zikaSifiso bekhumbula namahlaya akhe.

Kulabo ababeyingxenye yokweseka u-Ayanda, kubalwa nonkosikazi kaNgqonqgoshe woMnyango wezaseKhaya uMalusi Gigaba, uNorma.

"Sizama ukuziduduza ngamaculo kaBab'Ncwane, sikhumbula namahlaya akhe, nakho konke. Le iyona ndlela mina, ithimba nabangani bami esikwenzayo ukubhekana nesimo nokwamukela isinqumo esibuhlungu esenzeka ngenxa yentando kaNkulunkulu," kusho umbhalo.

 - TshisaLive 

 - Instagram

They are responsible for forcing the smile on my face ??. Ngyabonga ??

A post shared by Ayanda Ncwane (@ayandancwane) on

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 7-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...