UMkaMandoza ufuna izimpendulo kumphathi womyeni ngomnikelo owanyamalala

2017-10-29 14:07

EGoli - Unkosikazi womculi wekwaito uMandoza osadlula emhlabeni uMpho Tshabalala ubhekene ngeziqu zamehlo nomphathi womyeni wakhe uKevin Ntaopane.

Lokhu kumayelana neminikelo eyenziwa yilowo owayenguMphathi woMsebenzi kwa-SABC uHlaudi Motsoeneng ngezindleko zomngcwabo.

Kukholakala ukuthi uNtaopane akazange ayiveze iminikelo okukholakala ukuthi ingaphezu kuka-R20000.

Abe-Sunday World bathole ukuthi umngani kaMpho noMandoza osakaza ezemidlalo kuPuwer FM uThabiso Mosia waya ekhaya lika-Ntaopane eNoordgesig, Soweto, emasontweni amabili ngemuva komgcwabo eyombuza ukuthi kungani engawutshelanga umndeni ngeminikelo.

OLUNYE UDABA: Uhlafuna ejeqeza umphathi woKhozi FM osethole onogada

UMotsoeneng ukuqinisekisile ukuthi ukhona umnikelo womndeni onikezwe uNtaopane ukuba awudlulisele phambili kodwa akafunanga ukungena kuolo daba.

“Ngeke ngikwazi ukusho isamba esakhishwa. Wudaba lomndeni okumele lukhulunywe wumndeni,” kusho yena.

Sekuphele amasonto amabili uNtaopane  engatholakali ukuba aphawule ngalolu daba kanti ubengaphenduli ngisho esevakashelwa kwakhe noma kuxhunyanwa naye ngocingo noma ngezinkundla zokuxhumana.

Unkosikazi kaMandoza uMpho uthe yena ubengazi lutho ngeminikelo eyenziwa wuMotsoeneng wathi uNtaopane akamtshelanga lutho ngayo.

“Angikaze ngithole imali esuka kuKevin esuka kuHlaudi," kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...