UMinnie noQuinton babonakale okokuqala emphakathini

2017-08-14 11:04

Johannesburg – Usaziwayo kamabonakude, uMinnie Dlamini, kanye nesinqandamathe sakhe, uQuinton Jones, babonakale behamba ndawonye emphakathini ngempelasonto. Lezi zithandani bezingakaze zabonakala emcimbini noma emphakathini zindawonye selokhu kwaduma ukuthi ziyathandana kanti muva nje zibonakale emcimbini wangasese ka-Trevor Noah.

“Angikaze ngimbone uMinnie ebukeka ejabule kanje,” umthombo utshele iDRUM, wengeza nangokuthi lo saziwayo ubebonakala ngisho ebusweni ukuthi uphatheke kahle.

OLUNYE UDABA: Uphoxwe onogada usaziwayo obezama ukushutha uMinnie Dlamini

UMinnie ubegqoke okuwumbala omnyama kanti uQuinton yena ubegqoke ijezi elingwevu kanye nehembe.

“UMinnie ubehlale ekuvikela lobu budlelwano futhi akakaze azifake izithombe enoQuinton noma aye noma kuphi naye,” kusho omunye umthombo, wengeza ngokuthi laba babukeka bebahle kakhulu ndawonye.

Lezi zithandani, ezingajwayele ukuvela ezithombeni, zishuthwe umgani wazo ophinde abe yijaji kuma-Idols, Unathi Msengena.

#Fam @cumapantshwa @minniedlamini Love you??

A post shared by Unstagram (@unathi.co) on

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...