UMinnie Dlamini uthi akanandaba nabathi usekhuluphele

2018-03-20 18:01

Johannesburg - Awukho nowodwa umzuzu angawuthokozeli umethuli wezinhlelo zikamabonakude, ngokuba semshadweni, kubalwa nokunona kancane.

UMinnie Dlamini oshadele kwaJones uthi ngisho izinkulumo ezingezinhle ezibhekiswe kuye ngeke ziyiguqule indlela azizwa ngayo. Ukuphawula kukaMinnie kuza ngemuva kwamahlebezi azungezayo athi lo saziwayo ukhulelwe ingane yakhe yokuqala, nokuyinto ayiphikayo.

OLUNYE UDABA:Naka ezegceke lakho - Minnie Dlamini

Lo methuli wezinhlelo akesabi futhi akakufihli ukuthi usekhuluphele selokhu ashada nesinqandamathe sakhe uQuinton Jones ngo-Okthoba nyakenye, kunalokho uyaziqhenya ngomzimba wakhe.

UMinnie uthe akanandaba nalabo abathi usekhuluphele, futhi bangakhuluma bagcine la bethanda khona.

- Instagram:

Building an empire ?? #BossMode

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

 - Sunday World

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...