UMinnie Dlamini udayisele iMultiChoice amalungelo okwethula umshado wakhe

2017-06-12 16:00

Johannesburg - Kuthiwa umethuli wezinhlelo uMinenhle “Minnie” Dlamini kanye nesithandwa sakhe esingumthwebuli uQuinton Jones badayise amalungelo omshado wabo ngenani lika-R6 million.

Ngaphezu kwalokho lezi zithandani zizoxhaswa ngezindandatho kanye nobucwebe bekhethelo ezenzelwe bona ngokukhethekile ngabaqophi bobucwebe uJenna Clifford nokuyisitolo sobucwebe esihamba phambili eSandton.

Le ntokazi yakwaDlamini ithi izinzela yona amalungiselelo omshado wayo okulindeleke ukuthi ube ngoSepthemba.

Iphephandaba iSunday World lilunywe indlebe ngokuthi lezi zithandani zixhumane noNkateko Mabaso oyisikhulu kwaMultichoice ekuqaleni kwalo nyaka ngesiphakamiso sokusakaza lo mshado.

Kuthiwa lo msakazeli uzothola amalungelo akhethekile okusakaza umshado wonke kusukela emalungiselelweni omshado wesintu.

Kuthiwa inkampani kaDlamini nesithandwa sakhe iyona ezokwenza umsebenzi wokuqopha lo mshado.

OLUNYE UDABA:Ufake ingoduso yakhe indandatho isebhokisini lomngcwabo

Kule mali engu-R6 million, kuthiwa ingxenye izokhokhela ukuqoshwa komshado nawo wonke umsebenzi odingekayo bese kuthi enye ingxenye yale mali kube ngeyamalungelo okuwudayisa lo mshado.

ULesley McKnight osebenzela iJenna Clifford Jewellers ukuqinisekisile ukuthi sebebenengxoxo nophrojusa walolu hlelo mayelana nomsebenzi wabo wokwenza ubucwebe nezindandatho.

“UMinnie uzogqoka ubucwebe bethu futhi okwamanye sisematasa nokumenzela indandatho yakhe,” kusho uMcKnight.

USarit Tomlinson osebenzela iCapacity Relations, nokuyinkampani ephethe le ntokazi, ukuqinisekisile ukuthi le ntokazi ibe nezingxoxo nabeMultiChoice kodwa wathi belingakaqinisekiswa inani.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...