UMdu uthi naye uyazifela ngoBabes wodumo

2016-10-07 19:30

Durban - Usaziwayo osevele waphenduka intandokazi kubantu besimame uMdu Masilela uthi naye uyazifela ngoBabes Wodumo.

UMdu waqala ukubonakala kahle njengoba kudlule emhlabeni enye yezinkakha zomculo weKwaito kanti uthi wamangala kabi esephenduka undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA:Zikhala ngoMdu Masilela izintokazi

"Angazi nami ukuthi iqhamukaphi leyonto njengoba sengibizwa nange-National Key Point, kwakungeyona inhloso yami ukuthi ngibukwe ngaleyo ndlela emngcwabeni kaMandoza,'kusho yena.

Ekhuluma naeSolezwe, lo mculi uthe uyezifela ngesibutubutwana somculi esinguBabes Wodumo.

"UBabes noMampintsha ngiyabathanda kakhulu ngoba abazami ukuzenza abanye abantu, bazenzela into yabo kanti futhi siyaludinga lolu hlobo lwabantu kule mboni." 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...