UMdu Masilela usolwa ngokuthatha unkosikazi wesibili

2017-12-03 18:04

Johannesburg - Isihlabani seKwaito uMdu Masilela kanye nomalume bakhe kubikwa ukuthi baye KwaZulu-Natal beyolobola uSibahle Dlamini, ongumama wengane yakhe okuke kwavela izinsolo zokuthi umshayile ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Umbiko weSunday World, ubika ukuthi lokhu kwenziwe ngaphandle kokucela imvume kunkosikazi kaMasilela, uSarah.

Umbiko wephephandaba uqhuba ngokuthi umndeni wakwaDlamini unxenxe ukuba kuvezwe incwadi ekhombisa ukuthi uSarah uyahambisana nayo yonke le nto ngaphambi kokuba uMasilela akhiphe amalobolo.

Nokho kuthiwa uMasilela ufike ehamba nomalume bakhe, ephethe imali yamalobolo okwakuvunyelwene ngayo.

OLUNYE UDABA: UMdu Masilela ezinsolweni zokuzama ukubulala

Umbiko weSunday World uveza ukuthi uSibahle uvumile ukuthi uselotsholiwe, kepha wanqaba ukwenaba ngalolu daba.

Kuthiwa unkosikazi kaMasilela uthukuthele ugane unwabu ngesenzo somyeni wakhe njengoba ebelokhu emeseka uma kuvela izindaba ezingezinhle ngaye.

Ethintwa uMasilela uthe ucela ukunikezwa isikhathi sokuba alungise umshado wakhe nonkosikazi wakhe uSarah.  

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, kwavela imibiko othi uMasilela ushaye umama wengane yakhe emzini "abahlala" kuwo eGoli.

NgoJuni kwavela izinsolo ezithi ubekwe icala lokubulala kulandela ukukhomba unkosikazi wakhe ngesibhamu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...