UMdu Masilela ezinsolweni zokuzama ukubulala

2017-06-25 15:21

Johannesburg - Usaziwayo ongaconsi phansi kubantu besifazane, uMdu Masilela, ungomunye wosaziwayo abasolwa ngokuhlukumeza abantu abahlekisana nabo.

Ngokusho kweSunday Sun, lo mculi kusolwa ukuthi uboshwe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ngokukhiphela unkosikazi wakhe isibhamu ngesikhathi kuqhubeka ingxabano emzini wabo oseSandton.

OLUNYE UDABA:UMdu uthi naye uyazifela ngoBabes wodumo

Unkosikazi kaMdu uthi kusuke isidumo ngesikhathi embuza ngokuthi ukhuluma nobani ocingweni.

Ngokusho kwaleli phephandaba lo mculi ube esedubula emoyeni, wasabisa unkosikazi wakhe ngokumdubula ekhanda.

Abanye osaziwayo asebeke basolwa ngodlame lwasekhaya:

  • USello Sebotsane ongumlingisi,  oke wasolwa ngokushaya unkosikazi wakhe iminyaka eminingi.

Buble

A post shared by Sello Sebotsane (@sellosebotsane) on

  • UTeko Modise ongumdlali webhola, naye owasolwa ngowayengumkakhe ngokuba nodlame kuye.
  • URapulane Sephemo olingisa kwiGenerations: The Legacy useke wabhekana nezinsolo zokuhlukumeza ngemuva kokuba intombi yakhe imvulele icala lokushaya, elabuye lahoxiswa.

 - ZAlabs

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...