Umdlali webhola nentombi yakhe engumethuli wezinhlelo bashade isinyenyela

2017-12-18 08:05

eGoli - Kumangale abaningi kuvela izindaba zokuthi umdlali webhola kanye nentombi yakhe sebeshadile.

Lokhu kuvele ohlelweni lwasekuseni lukaDJ Fresh kuMetro FM lapho uMpho Maboi ongumethuli wezemidlalo edalule ukuthi yena noReneilwe Letsholonyane sebeshadile.

Lokhu kuthuse abalaleli kanye nabasakazi ngoba laba bebeneminyaka emibili bebuyele ngemuva kokuhlukana isikhashana futhi yize besebekwenzile okwesintu, abantu bebebheke indumezulu yomshado.

OLUNYE UDABA:Kuthenjiswe uMinnie umshado kwahlekiswa ngoKhune noCassper

Ekhuluma emsakazweni uMpho uthe: "Yebo usengumyeni wami. Sesashada. Sesidlulile lapho."

Ekhuluma nabeTshisaLIVE, uReneilwe ubemanqikanqika ukuphumela obala ngalokhu waze wacela izintatheli ukuba zimthente ngesonto elizayo.

Ngesikahthi ekhuluma ngemishado ekuqaleni kwalo nyaka, uMpho waveza ukuthi akawufuni umshado omhlophe.

"Ngeke sibe nomshado omhlophe, angiwuthandi, uma sesikwenzile konke okudingekayo ngokwesintu, angisiboni isidingo somshado omhlophe,"kusho yena.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...