Umculi weKwaito uBrickz utholakale enecala lokudlwengula

2017-07-07 16:10

Johannesburg - Inkantolo kaMantshi eRoodepoort ithole uSipho Charles Ndlovu odume ngelikaBrickz, enecala lokudlwengula.

Lesi sinqumo sikhishwe yijaji uJohn Baloyi ngoLwesihlanu emini ngemuva kweminyaka emithathu kuqulwa leli cala.

Ngokubika kwephephandaba iSunday World uBaloyi utshele inkantolo ukuthi uBrickz uhlulekile ukwanelisa inkantolo ngencazelo yakhe yokuthi kungane eliphika leli cala.

UBrickz wabekwa icala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, isehlakalo senzeka emzini wakhe oseHoneydew, eGoli.

Leli cala lineminyaka emithathu liqulwa yize lo mculi ubengaphandle ngebheyili.

OLUNYE UDABA:Lizoqulwa elokudlwengula elibekwe uBrickz

Ibheyili yakhe ka-R50 000 ibuyiselwe emuva ngaphambi kokuba ahanjiswe emaseleni lapho azogqunywa khona kuze kwehliswe isigwebo.

Kulindeleke ukuba agwetshwe ngesonto elizayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...