Umculi waphesheya uthi ulangazelele kakhulu ukudla kwakuleli

2017-10-27 16:00

Cape Town – Umculi oyintandokazi nohlonishwa kakhulu uJohn Legend uthi usekulangazelele ukufika kuleli njengoba ezungeza amazwe ngenkonsathi yakhe i-Darkness and Light Tour.

Lolu hambo lokuvakashela amadolobhakazi amathathu kuleli luzoqala ngomhlaka-4 Novemba lapho azobe enandisa khona eGoli.

Ngesikhathi enengxoxo nabezindaba, lo mculi uveze ukuthi abantu bakuleli yibona abamenza akuthakasele ukubuya kuleli.

"Baweseka kakhulu umsebenzi wami, kusukela ngisaqala ukusebenza. Izinkundla zihlezi zigcwele njalo uma ngizonandisa eNingizimu Afrika nokuyinto engenza ngikuthakasele ukubuya," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Usizwe ukuyobhaca umculi kamaskandi

UJohn uthi izinto azilangazelela kakhulu uma evakashele kuleli wukudla kanye nezamasiko.

Lo mculi uza kuleli ukuzophusha i-albhamu yakhe entsha esihloko sithi Darkness and Light kanti uthi igxile kakhulu kuleli zinga asekulo empilweni yakhe, njengomculi nobaba.

"Ngicabanga ukuthi sengikhulile futhi nale albhamu ibonakalisa izinga esengifinyelele kulo. Wonke ama-albhamu ami aveza izinga lempilo engisuke ngikulo ngaleso sikhathi nokuthi ngizizwa kanjani," kuqhubeka yena.

Uthi umuntu uma ekhula, nomculo wakhe kumele ukhule.

Time for a zoo visit! #LunasFirstTour

A post shared by John Legend (@johnlegend) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...