Umculi wakuleli ubekwe icala lokubulala ngokungenhloso

2016-09-30 14:31

Johannesburg – Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukuthi inkakha yomculi uRay Phiri ebandakanyeke engozini eshiye umuntu oyedwa eshonile, kwathi omunye walimala kabi.

Kuthiwa le ngozi yenzeka ku-N4, eMiddleburg, eMpumalanga, ngeSonto eledule, ngesikhathi imoto kaPhiri ishayisa abantu ababili.

Omunye washonela endaweni yesigameko kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA: Uthweswe elokubulala ngokungenhloso umshayeli weveni eKZN

Imibiko ithi uPhiri wayesuka eGoli elibangise eMbombela ngesikhathi kwehla le ngozi.

"Sizama ukuthola ukuthi kwenzakalani ngosuku lwesigameko, ukuze kutholakale ukuthi ngubani owephula umthetho womgwaqo,” kusho okhulumela amaphoyisa uJoseph Mabuza.

UMabuza uthe baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

UPhiri uthe le ngozi yamephula inhliziyo yamshiya edumele.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...