Umculi uthi ukuboshwa kwayiguqula impilo yakhe

2017-10-17 18:00

Johannesburg - Umculi owayeyilungu leqembu lomculo iThe Soil, uSamthing Soweto weculoelishisa izikhotha kulezi zinsuku elithi Akanamali, uthi wayedinga ukubhadla ejele kancane ngaphambi kokuba ayeke ukudla izidakamizwa, aqedele nomatikuletsheni.

USamthing Soweto ogama lakhe lokuzalwa nguSamkelo Mdolomba, uthe yena nabangani bakhe baboshelwa ukuphanga bachitha izinyanga ezingaphezu kwezimbili ejele besalinde ukuba icala labo liqale ukuqulwa.

"Mina nabangani bami sasinesibhamu futhi sasenza izinto ezimbi, sagcina sesibanjiwe savalelwa ejele.

OLUNYE UDABA:Uchitha eyokukhonza kwaShembe umculi wokholo

"Ngalahlwa yicala kodwa ngalengiselwa isigwebo ngoba ngangiqala ukutholakala necala," usho njalo.

UMdolomba, 29, uthe ukuhlala ejele izinyanga ezimbili nesigamu besalinde ukuqulwa kwecala kwayiguqula kakhulu impilo yakhe.

Ngesikhathi engaphakathi ejele uthi wafunda ngenkolo ngoba kwakuphakathi kwalokho noma ajoyine iqembu lezigebengu.

"Ngangingafuni ukujoyina iqembu lezigebengu ngoba ngangazi ukuthi angifuni ukuhlala isikhathi eside ejele," esho.


 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...