Umculi uthi kwakuhlekiswa ngaye esakhula, kuthiwa mumbi

2017-03-18 14:06

Johannesburg - Umculi wakuleli uZahara ukhulume ngezinsuku zakudala ezingezinhle, ebizwa ngengane embi.

Lo mculu osekuneminyaka emibili engenele umkhankaso wokunciphisa umzimba wakhe, utshele iDrum ukuthi wayezizwa engamukelekile esayingane.

OLUNYE UDABA: Buka: Amalungu e-EFF nawe-ANC engqubuzana

"Kwakuhlekiswa ngamazinyo ami angaqondile bethi izwi lami likhulu, bethi ngifana nendoda,” usho kanje.

UZahara uphinde wathi ezinye zezinto ezazishiwo ngaye kunzima ukuba azikhohlwe. Uthi wayezizwa engamukelekile neze futhi engenakho ukuzethemba.

“Ngiyazinakekela manje futhi indlela engibukeka ngayo ibalulekile kimina. Ngiyajima, ngidla kahle futhi ngiyayikhathalela indlela engubukeka ngayo,” kuqhuba uZahara.

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...