Umculi useyifuna ngo-dli imali 'ayiboleka' uphathina wakhe

2017-11-06 16:00

 EGoli - U-Arthur Mafokate usesabise ngokuhlawulisa umsakazi wezemidlalo ku-SABC ngokungafuni ukukhokha imali amboleka yona.

Kuthiwa uMafokate waboleka u-Owen Ndlovu imali engango-R500 000 ayiboleka ngesikhathi behlanganyela ndawonye ekuqoshweni komncintiswano we-SABC Summer Song Of The Year.

Lo mculi weKwaito uyalele inkampani yabameli iWerksmans Attorneys ukuba babhalele uNdlovu incwadi emyalela ukuba akhokhe le mali kungakashayi umhlaka-14 Novemba futhi isinenzalo ka-10.25%.

Ngokwale ncwadi edlule ezandleni ze-Sunday World, uMafokate waboleka uNdlovu u-R500 000 ukuhlela lo mcimbi owenzeka minyaka yonke ngesikhathi besebenza ngokubambisana kuqala unyaka.

OLUNYE UDABA:URamaphosa uzothamela umcimbi wokufungiswa kukaThabane eLesotho

Kwakumele bahlele imoto engumahambanendlwana ukuphatha lo mcimbi kungakashayi inyanga kaJuni. Bobabili kwakumele bazitholele abaxhasi abazotshala izimali kuwo.

Ngemuva kokuthola imali, uNdlovu kwakumele abuyise imali kaMafokate isinenzalo kungakadluli umhlaka-30 Juni, kodwa uMafokate useyifuna ngodli imali yakhe ihambisana nenzalo ngoba ethi uNdlovu usephule imigomo yesivumelwano sabo.

Incwadi yabameli ithi: “Yize sekuthunyelwe izicelo eziningi, abe-Owens Productions bahlulekile wukukhokha imali eyabolekwa ngokwesivumelwano esenziwa noMofokate. I-Owens Productions isiphule imigomo nemibandela okwavunyelwana ngayo.”

Eziphendulela uNdlovu uthe ubemanqikanqika ukuqhubeka nokusebenzisana noMafokate njengoba ebephenywa yi-SABC ngezinsolo zokufumbathisa abasebenzi.

Uthi nezigemegeme abhekene nazo uMafokate zokushaya intombi azizinhle neze ngoba naye igama lakhe belizodicilileka phansi.

Uthi okunye okwavele kwabuqeda nya ubudlelwano babo wukuthi uMafokate wayefuna abaculi abangaphansi kwe-999, okuyinkampani yakhe, kube yibona abanandisa kulo mcimbi.

UNdlovu uthi abameli bakhe sebeyiphendulile le ncwadi evela kubameli bakaMafokate.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...