Umculi uSechaba uxoshwe kabuhlungu emzini wakhe

2018-05-09 14:08

Ulale eqhuqhwa amakhaza umculi wowokholo uSechaba Pali ngoLwesibili ekhaya lakhe eliseVosloorus, Ekurhuleni.

Lo mculi uneminyaka engu-12 ehlala kulo muzi nomkakhe nezingane zabo ezimbili.

Ekhuluma nabeDaily Sun, uSechaba uthi ushaqeke kabi ngesikhathi ebona iqulu lamadoda angu-50 egqoke osiyasebenza abaphuzi eqonda esangweni lakwakhe.

OLUNYE UDABA:Buka: Kuvuke umunyu uKelly Khumalo ehlabelela enkonzweni ka-Akhumzi

“Baphule isango lami bangena endlini ngodli ngaphandle kwencazelo. Bavele baqukula zonke izinto zami bazikhiphela ngaphandle emgwaqeni."

Uthi ubengazi ukuthi kukhishwe incwadi yokumxosha endlini, omunye wala madoda umtshele ukuthi lo muzi uthengwe ngo-R75 000.

"Umuntu angayithenga kanjani indlu yami ngo-R75 000 ekubeni mina ngayithenga ngo-R480 000."

Lo mculi usizwe omakhelwane ukuba aqoqe izinto zakhe.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...