Umculi odumile kuthiwa 'uhlala namantombazane awenzisa ucansi ngenkani'

2017-07-17 18:00

Cape Town – Ngokombiko wophenyo olwenziwe yiBuzzfeed News, isihlabani somculi we-RnB esidume umhlaba wonke, u-R Kelly, kubikwa ukuthi sihlala namantombazane emzini waso.

Kuthiwa la mantombazane uR Kelly uyawahlukumeza aphinde awenzise nocansi engathandi. Kubikwa ukuthi kunesikompilo oluphilwayo (cult) kanye nemithetho elandelwa abesifazane abahlala nalo mculi.

IBuzzfeed  icaphune abazali abahlukene abathi amadodakazi abo wonke akhohliswe uR Kelly nokuthiwa ulawula yonke into ngezimpilo zawo.

Ngokusho kwabanye babazali, sekunesikhathi bezama ngayo yonke indlela ukuthi indodakazi yabo eneminyaka engu-21 ubudala ibuyele ekhaya ngemuva kokuthi yathuthela kwenye yezindlu zikaR Kelly.

Kodwa-ke inkinga abanayo ukuthi abakwazi ukubika le ndodakazi yabo njengomuntu odukile njengoba kubikwa ukuthi iziphilela kahle futhi ihlala kule ndlu ngokuthanda kwayo.

OLUNYE UDABA: 'Ulibulele ikusasa lamawele odumo lwama-Idols SA umprofethi oboshiwe'

IBuzzfeed ikhulume nabantu abathathu ababeyingxenye yethimba likaKelly, nabathi lo mculi uhlala namantombazane ayisithupha emizini yakhe imibili – nokuyindawo aqophela kuyo umculo eChicago kanye “nendlu yezivakashi” eseDuluth, eGeorgia.

Laba zali batshele iBuzzfeed ukuthi uKelly ulawula yonke into ethinta izimpilo zalaba besifazane, kusukela ekutheni yini abayidlayo nokuthi bayidla nini kanjalo nokuthi balwenza kanjani futhi nini ucansi, nokubikwa ukuthi uyaluqopha uma ngabe lwenziwa.

Ichaza lo mculi, imithombo itshele iBuzzfeed ukuthi uKelly “uyena oshaya isicathulo” kanye nokuthi ubiza laba besifazane ngo-"babies" bakhe nokumele bona uma ngabe bephendula bathi "daddy".

Kuphinde kubikwe nokuthi ujezisa laba besifazane ngokwamazwi aphinde ababeke nesandla uma ngabe bephula “imithetho” yakhe.

Ngokombiko weBuzzfeed, uKelly kanye nalo wesifazane oneminyaka engu-21 ubudala abazali bayo abazama ukuyibuyisela ekhaya, abazange baphendule ngesikhathi benikwa ithuba lokuthi baziphendulele ngoLwesihlanu.

Okunalokho kubikwa ukuthi le ntombazane ivele yafonela ubaba wayo immemela kweminye yemicimbi kaKelly nalapho iphinde yamazisa khona (ubaba wayo) ukuthi isanda kulungisa noma isanda kwenza kabusha amabele ayo, nokuyinto ethi iyenzelwe uKelly.

Zifundele lolu daba oluphelele lweBuzzfeed lapha

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...