Umculi kaMaskandi uhlomule ngemoto entsha ceke ewina iMaskandi Song of the Year

2018-01-02 12:32

eThekwini - Umculi kaMaskandi uBahubhe Mkhize ungene ngonyanyavu lwemoto onyakeni omusha ngemuva kokuwina iMTN Maskandi Song of the Year.

Lo mculi udle umhlanganiso emcimbini obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo kwaDukuza lapho bekukhethwa khona ingoma evotelwe abathandi bomculo kaMaskandi njengobona okuyiyona edle ubhedu kulo nyaka.

Lokhu kwenziwe ngokohlelo lwe-MTN Caller tunes, lo mculi uwine ngokwenani lezingoma ezi-downlodiwe.

Lokhu kwenzeke ngokwemizamo yenhlangano uMbuso wamaCiko baveza ekuqaleni konyaka odlule ukuba kunohlelo olusha olwenzewe ngokubambisana nabakwa-MTN ukuthi nezingoma zikaMaskandi zikwazi ukutholakala njengama-Caller Tunes.

OLUNYE UDABA:Unyanyavu lwemoto yeNdidane luzofakwa endalini

UBahubhe uthathele ezinkundleni zokuxhumana ebonga abalandeli bakhe ngokumeseka.

"Ngyabonga kubalandeli bami aba-downlode kuma caller tune ngase ngihlwitha ifortuner phakathi kwamakhosi eningenzele kona kukhulu angazi nginganibonga ngani.  Ngiwehlulile amakhosi kamaskandi ngabuye nayo imoto entsha sha,"kubhala lo mculi.

Abalandeli bakhe, nabo bathathele ezinkundleni bemhalalisela  ngempumelelo yakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...