Umama wengane kaSomizi uthi bayazama ukuyinika impilo ejwayelekile

2016-10-10 18:01

Johannesburg - Usaziwayo ongusomabhizinisi uPalesa Madisakwane uthe yize yena noSomizi ongubaba wengane yakhe bayazama ukuyinika impilo ejwayelekile kodwa akulula.

UPalesa ubenengxoxo nabephephandaba iMove lapho aveze khona ukuthi babesebancane noSomizi ngesikhathi ekhulelwa futhi babengenazo izinhlelo ngekusasa labo bobabili.

OLUNYE UDABA:Owodumo uthi indodana yakhe ayizi ukuzombona egula

Le ntokazi eyayilingisa kuGenerations yokuqala uthe abakaze bayifihle indodakazi yabo emehlweni omphakathi ngoba bangosaziwayo futhi bayazi ukuthi abezindaba bazohlezi benokuthile abakubhalayo ngabo.

"Uma siza ekukhuliseni uBahumi, sizama ngakho konke ukumnika impilo ejwayelekile, yize kunzima ukugwema amehlo omphakathi,” kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...