UMaKhumalo ngimthanda noma engenayo ingane, kusho uMseleku wodumo

2017-07-20 19:30

Durban - Usomabhizinisi uMusa Mseleku wohlelo Uthando Nes’thembu usechaze ngendlela amthanda ngayo umkakhe, uMakhumalo, yize kuvela ukuthi angahle engakwazi ukuthola abantwana.

Ekhuluma nabe-TshisaLIVE, uMseleku uthe lolu hlelo balwenzela ukuqeda inkoleloze ekhona ngesithembu nokuyinto esakazwa kakhulu ngabezindaba.

Uthi uwathanda wonke amakhosikazi akhe, futhi udaba lokuthi umkakhe wesithathu akakwazi ukuthola izingane akuluphazamisi nakanvane uthando lwakhe ngaye.

“Ngiyamthanda uMaKhumalo futhi ungumama oqotho kuzo zonke izingane zami, yize engazizali. Ungowesimame oqotho futhi okholwayo kuNkulunkulu kanti siyazi ukuthi udaba lwakhe luthinte abantu abaningi,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Asikho semthethweni isithembu somsakazi woKhozi

Lo somabhizinisi uthi kunenkoleloze yokuthi abesimame abangabatholi abantwana abashadwa noma uma beshadwa abaphatheki kahle emizini yabo.

“Sifuna abantu babone ukuthi uMaKhumalo uthandwa kangakanani, yimina umyeni wakhe kanye namanye amakhosikazi ami futhi siyazi ukuthi kunezinkulungwane zabantu besimame abamthandayo emakhaya.

"Ngifuna kucace ukuthi ngimthanda ngothando olungenasici ngoba wonke umuntu wesimame kanye nezingane badinga uthando oluphelele,” kuqhubeka yena.

Yize isizini yokuqala yalolu hlelo isiphelile, uMseleku utshele leli phephandaba ukuthi izolandela isizini yesibili kodwa okwamanje basezingxoxweni nesiteshi esisakaza lolu hlelo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...