ULunga Shabalala useyavalelisa kwiSelimathunzi

2017-11-28 11:00

Cape Town - Ngemuva kweminyaka eyisithupha ethula uhlelo lakumabonakude iSelimathunzi, uLunga Shabalala usethi khumu.

"Sekuyisikhathi sokuba ngikhule ngithole olunye ulwazi kulo msebenzi engiwenzayo. Ngicabanga ukuthi ngiyidlalile indima yami futhi ngishiya ngemuva uKhanya Mkangisa noSphesihle Vazi ohlelweni nabo abenza umsebenzi oncomekayo," kusho uLunga.

ULunga uthe ushintsho luhle futhi asilindele lukhulu kuye ngonyaka ozayo.

OLUNYE UDABA:Libaba into engapheli isoka elisha likaThandeka – Isibaya

"Ukushiya bekunzima kodwa ngifike esigabeni sokuba ngiqhubeke nokukhula," esho.

Le nsizwa eneminyaka engu-28 ubudala yaKwaZulu-Natal yanqoba umncintiswano wokwethula uhlelo iSelimathunzi ngo-2011 kanti kusukela lapho akaconsi phansi kubathandi balolu hlelo.

ULunga uthi uzomemezela ngomhlaka-29 Novemba ngohlelo olusha azoqala kulo kanti kwiSelimathunzi uzogcina ukubonakala ngomhlaka-28 Novemba, ngoLwesibili, ngo-19:30 ku-SABC 1.

?? #SirAwesome

A post shared by Lunga Shabalala ?? (@lunga_shabalala) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...