Ukuphoxeka usaziwayo ephucwa iqatha emlonyeni

2016-06-07 12:40

Durban – Kuthiwa uBonang Matheba ubewubheke ngabomvu umsebenzi wokwethula umcimbi wamaSAMA ne-E! Africa,kodwa ngeshwa wanikezwa imbangi yakhe uMinnie Dlamini.

UMatheba unobudlelwano obuhle nabe E! Africa njengoba ethula olunye uhlelo lwabo kwi-DSTV yingakho bekanokuzethemba ngokuthi uzokwethula nakulo mcimbi.

Kuthiwa uzincengele kwiSABC ukuba aphathe lo mcimbi ngoba ngeke akwazi ukusala ngaphandle, ngeshwa kwase kukhona oqashelwe ukwethula lo mcimbi.

OLUNYE UDABA:UBonang usheshe ‘wabala amaqanda inkukhu ingakachamiseli’

Kudingeke ukuba iSABC yenze ushintsho ngemizuzu yokugcina ukuze bakwazi ukumnika umsebenzi.

“Bathe kade sathathwa isinqumo sokuthi uThando Thabethe uzophatha umcimbi ngakhoke ngeke bakwazi ukumxhosha, kungcono yena athathe owokwamukela izicukuthwane ngaphandle,” kusho umthombo.

Kuthiwa uDlamini wacela kwiSABC ukuba bamvumele athathe lo msebenzi yingakho bangaze babe nenkinga ngokuthi uzosebenzela esinye isiteshi abaqophisana naso, kubika iSundayWorld.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...