Ukuphoxeka kuSkolopad ngenxa yokukhalaza kwabaphathi ngobunqunu bakhe

2017-06-29 18:00

Johannesburg - Kungenzeka angabanokali emcimbini iDurban July uSkolopad ngenxa yezinkinga emsebenzini.

Le ntokazi esebenza njengomhlengikazi isithole ukugxekwa ngabaphathi bayo ngenxa yokuhamba kwayo "nqunu".

Ekhuluma nabe-TshisaLIVE‚ umphathi kaSkolopad, uTebogo Mofokeng, uthi lolu daba bazoluxazulula ngaphakathi emsebenzini.

"Lolu wudaba lwasemsebenzini futhi sizoluxazulula ngaphakathi emsebenzini. Ngizobuyela kini ngoMsombuluko uma sekukhona okuphathekayo esingakusho," kusho yena.

OLUNYE UDABA:USkolopad uthembise ivanga nesinqe kuma-SAMA23

Uthi uyibonile imibhalo yale ntokazi ezinkundleni zokuxhumana kodwa ukholwa wukuthi ibiqhutshwa yinhliziyo ebuhlungu.

"Lokhu akubhale kuTwitter kungenxa yenhliziyo ebuhlungu kuphela," kuqhubeka uMofokeng.

USkolopad uthathele ezinkundleni zokuxhumana ebalisa ngokuthi uMatron wakhe akaluqondisisi kahle udumo lwakhe futhi uzama ukubhidliza izinhlelo zakhe zokuyongcebeleka eThekwini.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...