UKim Kardashian useziphendulele kwabagxeka ubunqunu bakhe

2016-03-09 13:32

New York – Unontandakubukwa onguKim Kardashian usezivikele kulandela ukugxekwa ngoba efake isithombe sakhe eshaya ngesudi yesele enkundleni yezokuxhumana uTwitter.

Phakathi kwabanye abamgxekile, kubalwa osaziwayo oBette Midler, Chloe Grace Moretz noPiers Morgan, kepha uKim uthi lokhu akusile ngoba ujeziselwa ifilimu yocansi ayenza eminyakeni engu-13 eyedlule.

Lo mama wezingane ezimbili oshadile ubhale ku-website yakhe wathi: ''Angizithathi izidakamizwa, futhi ngiyathinta otshwaleni, kepha kuthiwa ngiyisibonelo esibi ngokuzigqaja ngomzimba wami.”

OLUNYE UDABA: Ngenza ucansi kaningi ukuze ngikhulelwe - Kim

Uthi yena sewadlula efilimini yocansi ayenza, wakhetha ukuphila impilo yakhe.

“Ngingunkosikazi, umama, futhi nginomndeni kunjalo nje ngivumelekile “ukubaba”. Sekwanele ngokucwasana nokunyukana. Enza okwenzayo, ungiyeke nami ngenze okwami.”

Ube esencoma umyeni wakhe uKanye West ngokumgqugquzela ukuthi angazenzi umuntu angeyena.

- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...