Ukhuza ibuya 'uGC' kuZalo kulandela awokuxoshwa

2018-01-23 11:00

Johannesburg - Isihlabani somdlalo owuchungechunge kumabonakude Uzalo, uKhaya Dladla kubikwa ukuthi sikhuza ibuya kulo mdlalo kulandela amahlebezi okuthi sashiya kungekuhle phakathi kwaso nabaphathi boZalo.

Dladla ubedlala indawo ka-GC, omunye wabalingisi oyintandokazi yeningi kulo mdlalo.

Lo mlisngisi uzoba yingxenye yesizini yesine yalo mdlalo ezoqala ngomhlaka-4 Febhuwari.

OLUNYE UDABA:Usinde esedliwa yizembe owoZalo

UDladla unyamalale isikhashana kulo mdlalo, kwase kuqina amahlebezi okuthi waxoshwa.

Omunye wamaphrojusa oZalo uMarike Vandervalt waziphikisa izinsolo zokuxoshwa kwaDladla wathi indawo ebidlalwa nguye ibingeyinhle kwaze kwaholela ekutheni aphindele emakhaya eyolungisa izinkinga zakhe.

UDladla utshele abeSowetan ukuthi ababukeli basazobona uGC edlula ebunzimeni kanti uzobuya ehambele umshado.

"Kuthi esakulowo mshado, kushone uManziza noSmangele, aphoqeleke ukuba ahlale isikhathi eside. Azame ukusebenza endaweni yokuchwala izinwele kodwa kucace ukuthi abanti namanje abamthembi."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...