UKhune 'usikele' intombi amateki amasha ukuze bezofaniselana

2017-12-04 16:00

eThekwini - Ngesonto eledlule unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ukuqinisekisile ukuthi usenentombi empilweni yakhe.

Yize engakaze ayiveze ezinkundleni zokuxhumana intombi yakhe, kubonakala sengathi lolu thando luvutha bhe njengoba besanda kuzithengela amateki amahle e-Nike afanayo.

Lo nozinti ubethule isikhathi eside ezinkundleni zokuxhumana kodwa wehluleka wukuzibamba ngesonto eledlule eveza isipho asithengelwe “yindlovukazi” yakhe.

OLUNYE UDABA: Osaziwayo abadumile nezithombe ezishuthwe benqunu kwiphephabhuku

Kukhona izinsolo zokuthi uvuselele uthando lwakhe noSbahle Mpisane njengoba eke wathandana naye ngonyaka odlule.

Yize kungakaqinisekiswa ukubuyelana kwabo, uKhune ubonakala ethokozile. Nawa amateki ezithandani.


PrezZie from the Madam ???????? ThankYouQueeno ???? GODIsGREAT ????

A post shared by itukhune32???? (@itukhune32) on

>

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...