UKhaya Mthethwa ujoyine uhlelo lokholo kuMetro FM

2017-09-02 08:30

eGoli - Umculi wakuleli uKhaya Mthethwa uzojoyina umsakazo iMetro FM lapho ezosakaza khona uhlelo iThe Sacred Space noThami Ngubeni, kubika i-IOL.

Laba bobabili benze lesi simemezelo ohlelweni lukaDJ Fresh ngoLwesihlanu ekuseni.

UThami washiya abalaleli bakhe bethukile ngeSonto eledlule ngesikhathi eveza ukuthi lolu hlelo luzokwenza izinguquko ezinkulu.

OLUNYE UDABA:Umculi wodumo ulandela ezinyathelweni zikayise

Abantu bebecabanga ukuthi uyalushiya lolu hlelo, ngemuva kweminyake ecisha ibe yishumi elushayela.

Abalaleli abaningi baluthokozele lolu shintsho ngoba sebezobusiseka kakhulu kunakuqala njalo ngeSonto ekuseni.

UKhaya waduma kakhulu ngemuva kokunqoba uhlelo lokuvundulula ikhono lokucula, ama-Idols

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...