UKhanyi Mbau uveze ukuthi uthando olwenele, ememezela eyokwehlukana nesoka lakhe

2018-01-10 12:31

Johannesburg - Izindaba zakamuva zokuhlukana kukaBonang Matheba no-AKA zishiye abaningi bebambe ongezansi kanti bebengazitsheli ukuthi kuseza okunye ukushaqeka mayelana nokuhlukana kosaziwayo bakuleli.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukushaqeka ngesimemezelo sikanontandakubukwa onguKhanyi Mbau oveze ukuthi yena nesoka lakhe leminyaka uTebogo Lerole, sebehlukene.

I-'Queen of Bling' idalule lezi zindaba ekhasini layo lika-Instagram ngoLwesibili ngombhalo omude ozwakala usuka ekujuleni kwenhliziyo, oshiye abaningi bebabaza ukuthi impela into ekuthiwa wuthando kayikho emhlabeni.

Ukuhlukana kwalezi zithandani kumangaze abaningi ngenxa yokuthi bezingahlukani, yonke into ziyenza ndawonye zize zisike imiswenko emeshayo.

Nokho, kwake kwavela ngaphambilini ngo-2015 imibiko ethi uKhanyi usefuna ukuphuma kulobu budlelwano, okwaba ngamahlebezi angazange aqinisekiswe.

Buka umbhalo kaKhanyi lapha ngezansi:

when Love is not enough? WHAT DOES THAT EVEN MEAN?? Today.. I made peace with a battle that I have lost, i have accepted defeat. My greatest fear and my greatest loss.. letting go of the man I gave my heart too @edwardbillion it has taken so much from me in convincing my self that I am OKAY? Today I chose to face my fears and accept my truth. Today I let go of my greatest pain, LOVE IS PAIN .. for a while now I have been so insecure, so bitter and lonely, AS the wise WOULD say everything has a season!! THE HELL!!, ??WHAT DOES THAT EVEN MEAN?? ??My Summer has gone. My first ever experience of being truly in love and being fearless but the very same love has made so small and so sore inside. I have lost me .. today I let go of my future plans, the man I saw as the father of my kids and my future husband.. love of my life.. my best friend!! ??I am afraid , I am so afraid but I am going to learn how to love me genuinely first before I try and love again. Lord give me strength????. #BROKEN #single #afraid #scared ?? ??

A post shared by Khanyi Mbau METANOIA (@mbaureloaded) on


Abantu bazwakalise ukushaqeka ngalezi zindaba zokwehlukana kwalabo saziwayo kwazise bebesanda kubonakala bejabule ngesonto eledlule befaka izithombe zabo bendawonye kubukeka sengathi baseholidini.

Kwezinye bebefiselana unyaka omusha omuhle.

TWITTER:

- Drum

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...