UKhanyi Mbau utshele uPulane ezikabhoqo ku-Facebook

2016-04-18 13:29

Johannesburg – Ukhanyi Mbau akasinisanga mahleza  etshela uPulani ezikabhoqo ngokubhala ngaye ku-Facebook, kubika iTimeslive.

Lo saziwayo ubephunda into ebhalwe uPulani ecebisa abantu besilisa abalaxaza izintombi uma sebenemali. Ucaphune indaba kaMandla Mthembu noKhanyi Mbau ngokuthi:

“Bantu besilisa kumele nifunde kuMandla Mthembu owalaxaza umkakhe nezingane wagijimela uKhanyi Mbau. Namuhla angikholwa nokuthi uKhanyi angambheka nokumbheka njengona angasenalutho uMandla.”

OLUNYE UDABA:Usolwa ngokuphinga owodumo lokubanqunu

UKhanyi uhluleke ukuzibamba ngoba uvele wabhala ukuthi: “Pulani Lenkoe noma ngithi Nkulunkulu ngoba phela kuyacaca ukuthi usevele waphenduka umuntu wesimame, ingqondo yokwahlulela iyona ekwenze wamisa impilo yakho ukuze ukhulume ngabantu.

“Isiphi-ke wena isikhondlakhondla owasiqola noma owasisiza ukonga imali? Uke walala kweyiphi i-penthouse eMelrose Arch ngoba angikaze ngikubone ejimini yethu?”

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...