Ukhala ngensangu yakhe usonkondlo ogqekezelwe imoto

2017-04-25 19:29

Johannesburg - Usonkondlo wodumo uNtsiki Mazwai usale edinwe egane unwabu ngemuva kokuba izigebengu zigqekeze imoto yakhe zamebela insangu.

UNtsiki uvuke ngoLwesibili ekuseni wathola ukuthi ugqekezelwe imoto yakhe ngesikhathi eselungiselela ukuhamba eGrahamstown, e-Eastern Cape, kulandela ukugubha ukuthweswa iziqu ezifundweni abezenza eRhodes University ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

OLUNYE UDABA: 'Ngabe uBabes Wodumo ubengumlilo wamaphepha yini?'

Nakuba uNtsiki ezamile ukwehlisa umoya ngokumehlele, uzizwe 'ephelelwa amandla' ngesikhathi ethola ukuthi izigebengu zimebele insangu yakhe.

UNtsiki usanda kugogoda ezifundwendweni zeMasters of Arts in Creative Writing ngamalengiso kanti lokhu ugubhe ngokuzijuxuza impelasonto yonke.

 - TWITTER:

 - TshisaLive

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...