UKenny Kunene nowakwakhe bamukele ingane yomfana

2017-05-09 12:31

Cape Town – Usomabhizinisi wakuleli odume ngemicimbi ewubukhazikhazi, uKenny Kunene, kanye nonkosikazi wakhe, uNonkululeko Mhlanga, bamukele ingane yomfana ngoMsombuluko.

“Sibusisiwe futhi siyabonga kakhulu kuNkulunkulu kanye namadlozi ethu, abangani kanye nemindeni,” uKunene ubhale kanjalo ekhasini lakhe lika-Instagram.

OLUNYE UDABA: Isishaya ngenqwaba yabalandeli ku-Instagram ingane kaKenny Kunene engakazalwa

Engxoxweni yangaphambilini neThe Juice uKenny wathi ujabule uyafa ngezindaba zokuthi ulindele omunye umntwana.

Le ndodana kaKenny, uRemo Kunene, isivele isishaya ngabalandeli abangaphezu kuka-1 500 ku-Instagram.

Zibonele uKenny Kunene etheleka esibhedlela ukuzokwamukela indodana esanda kuzalwa lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...