UKanye West nomkakhe bamukele ingane yabo yesithathu

2018-01-17 14:01

eMelika - UKim Kardashian West nomyeni wakhe uKanye West bamukele indodakazi yabo yesibili.

Lezi zithandani zikhiphe isimemezelo ngoLwesibili ukuba bakumekele ingane yabo yesithathu nokuyingane yentombazane.

Laba basebenzisa uhlelo lwe-sarrogate njengoba kwavela ukuthi bukhulu ubungozi kwezempilo obungehlela uKim uma engakhulelwa futhi.

Umthombo osondelene nalaba bashadikazi utshele abe-People Magazine ukuthi le ngane iyisibusiso esukhulu kulezi zithandani.

OLUNYE UDABA: Ubusiswe ngengane yomfana umculi we-Kwaito

"Ababanga nonyaka omuhle, ukugetshengwa kukaKim kanye nezinkinga ayebhekene nazo uKanye kwabenza baba nonyaka omuncu, ngakhoke ukufika kwale ndodakazi yabo, kubalethele isibusiso esisha.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...