UJuju uzokwekelela uFifi Cooper ngezindleko zecala

2017-11-30 17:59

eGoli - UJulius Malema ubona sengathi indlela aphatheke ngayo uFifi Cooper enkampanini i-Ambitiouz Entertainment ayamukelekile neze futhi ngeke ahlale agoqe izandla abukele.

Lokhu kulandela isenzo sale nkampani sokuhambisa le ntokazi enkantolo ngokwephula isivumelwano senkontileka yayo. Inkantolo ikhiphe phambili lesi sitebele nokusho ukuthi lo mculi akasavumelekile ukucula amaculo akhe awaqopha nale nkampani.

NgoLwesithathu, abe-Daily Sun babike ukuthi le nkampani ikhiphe isitatimende icacisa ukuthi lolu daba lusenkantolo enkulu.

OLUNYE UDABA: Umculi kamaskandi uhlasele intatheli yeLANGA

Lo mholi we-EFF kanye nabangani bakhe kwezepolitiki bangenelele kulolu daba bethi bazoyilekelela le ntokazi.

“Sizohlezi simi nalabo abantekenteke nabangakwazi ukuzimela. Sula izinyembezi ntokazi, ngoba kungekudala uzobe ucula izingoma zakho ezimnandi. Kukhethwe ithimba labemeli elihlelekile elizokulekelela,” kusho uJuju ezinkundleni zokuxhumana.

Konke lokhu kwaqala ngesikhathi abaculi uFifi , uB3nchmarq, no-A-Reece belaxaza le nkampani ezinkundleni zokuxhumana ngoFebhuwari.

Lokhu kwaholela ekutheni kube nokuqophisana phakathi kwala baculi nale nkampani ezinkundleni zokuxhumana, kwanda nabaculi abashiya le nkampani ngenxa yezinkinga zemalli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...