UJub Jub uchitha izinsolo zokuhlukumeza uKelly

2016-06-29 14:31

Cape Town - Ithimba labameli baJub Jub liphawule ngezinsolo zikaKelly Khumalo ezithi wayemhlukumeza, bathi ikhasimende labo liyaziphika izinsolo.

Kamuva nje uKelly Khumalo ukhulume ohlelweni lakumabonakude iMTV Base: Behind the Story lapho asivulele khona isifuba ngomlando wakhe wokugxila kwizidakamizwa nobudlelwane bakhe nowayeyisoka lakhe elingumrepha uJub Jub.Kule ngxoxo uKelly uthe ubaba wezingane zakhe wayemhlukumeza waphinde wathi mhlazane wadedelwa ejele uyocela incwadi yokuzivikela kuye enkantolo.

OLUNYE UDABA: Angazi ukuthi uSenzo wayeboneni kuKelly Khumalo

Ngokusho kweZalebs abameli bakaJub Jub bahcithe izinsolo zikaKelly bathi ikhasimende lakhe liyaziphika izinsolo baphinde bathi bayosi[hikisa isicelo sencwadi yokuzivikela.

Kubukeka sengathi ukanendaba nokushiwe nguJub Jub wabhala enkundleni yezokuxhumana i-Instagram ezikhumbuza ukugxikla ezitweni ezibalulekile  esikhathini esinzima.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...