UJub Jub uphumele obala ngokuthi uganiwe futhi ujabule

2017-03-16 19:30

Durban -  Umrepha uJub Jub uvele ohlelweni iMorning Live lapho ebonge khona ukwesekwa yiNingizimu Afrika nangothando waphinde wagcizelela ekutheni ucela uxolo ngakho konke okwenzeka.

Exoxa kulolu hlelo, uJub Jub ogama lakhe langempela nguMolemo Maarohanye, uphinde waveza ukuthi useganiwe.

Lokhu kuvele ngesikhathi ephendula udaba okwake kwabikwa ngalo olumayelana nokuhlukumeza intombi yakhe.

“Ngiyindoda eshadelwe ngakho-ke angiqondisisi ukuthi le ntombi okukhulunywa ngayo kuthiwa ngiyayihlukumeza ingubani,” kusho  yena.

OLUNYE UDABA:Ngabe uJub Jub uyazi ukuthi bekubulawa uVan Damme?

Lo mrepha usho lokhu ekhangisa umunwe ofakwe indandatho kodwa wabuye wathi ufuna ukugcina impilo yakhe yangasese iyimfihlo.

Uthi wafunda isifundo ngokukhuluma ngempilo yakhe yangasese kusukela ezigamekweni ezenzeka nowayeyintombi yakhe uKelly Khumalo.

“Ngikahle kakhulu, kuyancengeka. Ngizinakele umndeni wami kanye nomsebenzi,” kusho yena.

UJub Jub ubuye wanqaba nokukhuluma ngobudlelwane bakhe noKelly nanokuthi uvumelekile yini ukubona indodana yakhe ayithola kulo mzwilili, kubika iSunday World.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...