Ujoyine iMetro FM owayeshayela uhlelo lwemishado

2018-04-04 16:02

EGoli - Ujoyina isikhondlakhondla somsakazo iMetro FM owazakhela udumo ohlelweni i-Our Perfect Wedding.

Kuvele umbiko othi uThembisa Mdoda uzojoyina uhlelo lukaMo G lwasekuseni oluba njalo ngoMgqibelo kulesi siteshi.

Le ntokazi ibikade iyingxenye yomsakazo oku-intanethi iTouch HD nolwasungulwa wusaziwabo uTbo Touch.

OLUNYE UDABA: 'Babhekene namacala' abaphathi boKhozi FM

Izinguquko zalo msakazo kazigcinanga lapho ngoba kuzwakale nokuthi ukhuza ibuya uThomas Bad Boy T Msengana kanti yena uzosebenza ngokubambisana noPearl Modiadie evala isikhundla sika-Amon Mokoena osethola amadlelo aluhlaza ekhaya elisha eMotsweding FM.

UThomas Mlambo yena uzongena ezinyathelweni zikaRobert Marawa ohlelweni lwantambama lwezemidlalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...