Ujoyina uZalo umlingisi wodumo

2017-07-13 14:03

Johannesburg - Umlingisi, uZinzi Zungu, ujoyina umdlalo oyintandokazi yeningi kumabonakude, uZalo olutshengisa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku.

UZungu oseke wadlala kwi-Scandal, Isidingo kanjalo nomadlalo owawudumile kuSABC1 uNomzamo, ukhuza ibuya kumabonakude ngemuva kokuthatha ikhefu.

Ngesikhathi lo mlingisi engabonakali ngisho nakowodwa umdlalo kumabonakude ubematasa eqhuba umsebenzi enkampanini yakhe iStar Quality Management and Acting academy.

OLUNYE UDABA:Ujoyina Isibaya 'umama kaPhenyo'

KuZalo, uZinzi uzobe edlala indawo kaMaDlamini kanti kulo mdlalo uzoqala ukubonakala ngomhlaka-18 Julayi.

Indawo ezodlalwa nguZinzi isondelene kakhulu naleyo edlalwa yinkakha yezokulingisa, uLeleti Khumalo.

"Ababukeli bazomuthanda uMaDlamini," kusho uZinzi ekhuluma ngendawo azoyidlala.

 - Drum

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...